Amahubo 40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukwethemba insindiso evela kuJehova

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1. Bengilindela uJehova;wayesezikhothamisela kimi,wezwa ukukhala kwami.

2. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi,wamisa izinyawo zami edwaleni,waqinisa izinyathelo zami.

3. Wabeka igama elisha emlonyeni wami,igama lokubonga uNkulunkulu wethu;abaningi bayakukubona, besabe,bamethembe uJehova.

4. Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5. Jehova Nkulunkulu wami,ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,nezizindlo zakho ngathi;akukho okungafaniswa nawe;uma ngiyilanda, ngiyisho,miningi kunokuba ibalwe.

6. Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;izindlebe zami uzibhobozile;umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

7. Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

8. Ngiyathanda ukwenza intando yakho,Nkulunkulu wami,nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

9. Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;bheka, angizivalanga izindebe zami;Jehova, wena uyakwazi.

10. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11. Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,iziphambeko zami zingificile,angaze ngaba nakubona;ziningi kunezinwele zekhanda lami;inhliziyo yami ingishiyile.

13. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;Jehova, mawuphuthume ungisize.

14. Mabajabhe, babe namahloni bonkeabafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;abafisa ukulimala kwamimababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:“Ashila, ashila!”

16. Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;abathanda insindiso yakho mabashonjalo, bathi:“Makadunyiswe uJehova.”

17. Noma ngihlupheka, ngimpofu,iNkosi iyanginaka;wena ungumsizi wami noMsindisi wami;Nkulunkulu wami, mawungalibali.