Amahubo 39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukukhala kohluphekile kanzima

Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1. Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zamiukuba ngingoni ngolimi lwami;ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo,omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”

2. Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;kwavuswa ubuhlungu bami.

3. Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;kwaphembeka umlilo ngisazindla;ngakhuluma ngolimi lwami.

4. “Jehova, ngazise ukuphela kwami,nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,noma eqine kangakanani. Sela*

6. “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;impela uzikhathaza ngokuyize nje;unqwabela imfuyo,kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7. “Kalokhu-ke, Nkosi,ngilindele ntoni na?Ithemba lami likuwe.

8. Ngisindise kuzo iziphambeko zami,ungangenzi isithuko sesiwula.

9. Ngiyathula, angivuli umlomo wami;ngokuba nguwe okwenzileyo.

10. Susa kimi ukushaya kwakho,ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.

11. Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

12. “Yizwa umkhuleko wami, Jehova,ulalele ukumemeza kwami;ungathuli ngezinyembezi zami,ngokuba ngingumfokazi kuwe;ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

13. Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike,ngingakamuki lapha,ngingabe ngisabakho.”