1. Shayani izandla, zizwe zonke;hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka;uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3. Wathobisa abantu phansi kwethu,nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4. Wasikhethela ifa lethu,udumo lukaJakobe amthandayo. Sela*
5. UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma,uJehova ngokukhala kwecilongo.
6. Hubelani uNkulunkulu, hubani!Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7. Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke;hubani ihubo!
8. UNkulunkulu uyabusa izizwe;uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9. Izikhulu zabantu zibuthene,zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama,ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu;uphakeme kakhulu.