1. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke;phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.
2. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele,ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho,ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.
3. Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;wangiqunga isibindi,wangipha amandla emphefumulweni wami.
4. Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova,lapho ezwile amazwi omlomo wakho.
5. Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova,ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.
6. Ngokuba noma uJehova ephakeme,uyanakekela nokho ophansi;uyamazi ozidlayo ekude.
7. Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko,uyakungiphilisa;uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,esokunene sakho singisindise.
8. UJehova uyakufeza okwami;Jehova, umusa wakho umi phakade;ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.