Amahubo 149 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Dumisani uJehova

1. Haleluya!Hlabelelani kuJehova igama elisha,indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.

2. U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo,abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.

3. Mabadumise igama lakhe ngokusina,bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

4. Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

5. Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,

6. Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo,nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,

7. ukuba benze impindiselo kubo abezizwenezijeziso kubantu,

8. babophe amakhosi abo ngamaketanganabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,

9. bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo;kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe.Haleluya!