Amahubo 43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke

1. Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.

2. Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami;ungilahleleni na?Ngihambelani ngilila,ngicindezelwe yisitha, na?

3. Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwelenasezindlini zakho,

4. ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.

5. Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,uyaluze phakathi kwami, na?ngisezakumdumisa yenaoyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.