Amahubo 38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa

Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.

1. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.

2. Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;isandla sakho singicindezele kanzima.

3. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5. Izilonda zami ziyanuka,zichicha ubovungenxa yobuwula bami.

6. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;usuku lonke ngihamba ngilila.

7. Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;akukho ukuphila enyameni yami.

8. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9. Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;amandla ami angishiyile,ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11. Abathandekayo bami nabahlobo bamibemi kude nokuhlupheka kwami;abakwethu bemi kude laphaya.

12. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,bazindla inkohliso usuku lonke.

13. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14. Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15. Ngokuba ngithemba wena Jehova;wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16. Ngokuba ngithe:“Funa bajabule ngami,ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17. Ngokuba ngiseduze kokuwa,nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18. Ngokuba ngiyabika ukona kwami;ngiyadabuka ngesono sami.

19. Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;baningi abangizonda ngeze.

20. Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,ngokuba ngilandela okulungileyo.

21. Ungangishiyi, Jehova;Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22. Phuthuma, ungisize,Nkosi, nsindiso yami.