1. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.
2. Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;isandla sakho singicindezele kanzima.
3. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
5. Izilonda zami ziyanuka,zichicha ubovungenxa yobuwula bami.
6. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;usuku lonke ngihamba ngilila.
7. Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;akukho ukuphila enyameni yami.
8. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
9. Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;amandla ami angishiyile,ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
11. Abathandekayo bami nabahlobo bamibemi kude nokuhlupheka kwami;abakwethu bemi kude laphaya.
12. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,bazindla inkohliso usuku lonke.
13. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.
14. Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
15. Ngokuba ngithemba wena Jehova;wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
16. Ngokuba ngithe:“Funa bajabule ngami,ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”
17. Ngokuba ngiseduze kokuwa,nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
18. Ngokuba ngiyabika ukona kwami;ngiyadabuka ngesono sami.
19. Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;baningi abangizonda ngeze.
20. Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,ngokuba ngilandela okulungileyo.
21. Ungangishiyi, Jehova;Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
22. Phuthuma, ungisize,Nkosi, nsindiso yami.