Amahubo 112 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Inhlanhla yomesabayo uNkulunkulu

1. Haleluya!Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

2. Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

3. Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;ukulunga kwakhe kumi phakade.

4. Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:umusa, nobubele, nokulunga.

5. Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,esekela izindaba zakhe ngokulunga.

6. Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

7. Akesabi imibiko emibi;inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.

8. Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,aze azibuke izitha zakhe ziphansi.

9. Uyaphana, uyabanika abampofu;ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

10. Omubi uyakukubona, acunuke,agedle amazinyo akhe, abesephela;isifiso sababi siyakubhubha.