1. Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.Baningi abangivukelayo.
2. Baningi abathi emphefumulweni wami:“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*
3. Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*
5. Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.
6. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantuabangihaqile nxazonke.
7. Vuka, Jehova,ungisindise, Nkulunkulu wami,ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini,amazinyo ababi uwaphulile.
8. Insindiso ingekaJehova;isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*