1. Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
2. Usizo lwami luvela kuJehovaowenzile izulu nomhlaba.
3. Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;okulondolozayo akayikozela.
4. Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,akalali.
5. UJehova ungumlondi wakho;uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.
6. Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.
7. UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;uyakulonda umphefumulo wakho.
8. UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakhokusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.