Amahubo 81 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ihubo lomkhosi

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elika-Asafa.

1. Halalisani uNkulunkulu amandla ethu,nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.

2. Hlabani ihubo,nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.

3. Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanganasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.

4. Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyelinomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.

5. Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe.Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

6. “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.

7. Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*

8. “Zwanini, bantu bami,ngizakufakaza kini ukuthi:O Israyeli, sengathi ungangilalela!

9. Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye,ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.

10. Mina nginguJehova uNkulunkulu wakhoowakukhuphula ezweni laseGibithe;khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

11. “Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami,u-Israyeli akanginakanga.

12. Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yaboukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

13. “Sengathi abantu bami bangangizwa,u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

14. Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

15. Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.

16. Ubeyakubapha ukolweni omuhle;yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”