1. Halalisani uNkulunkulu amandla ethu,nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
2. Hlabani ihubo,nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.
3. Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanganasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
4. Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyelinomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5. Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe.Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
6. “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
7. Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*
8. “Zwanini, bantu bami,ngizakufakaza kini ukuthi:O Israyeli, sengathi ungangilalela!
9. Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye,ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10. Mina nginguJehova uNkulunkulu wakhoowakukhuphula ezweni laseGibithe;khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11. “Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami,u-Israyeli akanginakanga.
12. Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yaboukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
13. “Sengathi abantu bami bangangizwa,u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14. Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
15. Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
16. Ubeyakubapha ukolweni omuhle;yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”