1. Nkulunkulu usilahlile, usichithile;mawubuye usilulamise.
2. Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa;zivale izimfa zawo,ngokuba uyazamazama.
3. Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima;usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.
4. Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*
5. Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
6. UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:“Ngiyakwethaba;ngiyakulidabula iShekemi,ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7. Ngowami uGileyadi,ngowami uManase;u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,uJuda uyintonga yami yokubusa.
8. UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami;yethaba ngami, Filistiya.”
9. Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10. Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
11. Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
12. NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;yena uyakunyathela phansi izitha zethu.