1. UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu;uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.
2. Koze kube nini nahlulela ngokungalungilenikhetha ubuso bababi na? Sela*
3. Yahlulelani ompofu nentandane,nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.
4. Khululani oswelayo nompofu,nibophule esandleni sababi.
5. Abanakwazi, abanakuqonda,bahamba ebumnyameni;izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.
6. Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,”nonke ningamadodana oPhezukonke.
7. Kanti nokho niyakufa njengabantu nje,niwe njengesinye sezikhulu.
8. Vuka, Nkulunkulu,wahlulele umhlaba,ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.