Amahubo 36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ububi babantu nomusa kaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova.

1. Inkulumo yesiphambeko komubi,isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.

2. Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,ukuze kungafunyanwa,azondeke ngakho.

3. Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.

4. Uceba okubi ecansini lakhe,uzimisa endleleni engalungile;okubi kakwenyanyi.

5. Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

6. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;usindisa abantu nezilwane, Jehova.

7. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

8. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.

9. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

10. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

11. Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;nesandla somubi masingangixoshi.

12. Bheka, bawile abenza okubi;bawiswe phansi, abasenakuvuka.