Amahubo 12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UJehova ungumsizi wabamelana namashayakhothe

Kumholi wokuhlabelela. NgeSheminiti.* Ihubo likaDavide.

1. Siza, Jehova,ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho,ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.

2. Bakhuluma amanga,kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe;ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.

3. UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo,ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,

4. abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu;izindebe zethu zinathi;ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”

5. “Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyonangokububula kwabampofungizakuvuka kalokhu,” usho uJehova,“ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”

6. Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo,anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini,lihlanjululwe kasikhombisa.

7. Wena Jehova uyakubagcina,ubavikele kulesi sizukulwane kuze kube phakade.

8. Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke,lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.