1. Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule.Jehova, phuthuma ungisize.
2. Mabajabhe, bayangazeabafuna umphefumulo wami.Mababuyiselwe emuva,bajabhiswe abangifisela umonakalo.
3. Abathi ashila, ashila mababuyele emuvangenxa yokuhlazeka kwabo.
4. Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi:“Makabe mkhulu uNkulunkulu.”
5. Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu;Nkulunkulu, ngiphuthumele.Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami;Jehova, ungalibali.