1. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,ngivikele kwabangivukelayo;
2. ngikhulule kwabenza okubi,ngisindise kubantu begazi.
3. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;iziqhwaga ziyangihlanganyela,kungekho siphambeko,kungekho sono kimi, Jehova.
4. Ziyagijima, zizilungisele,kungekho cala kimi;vuka, ungihlangabeze, ubone.
5. Wena kambe,Jehova Nkulunkulu Sebawoti,Nkulunkulu ka-Israyeli,vuka uphindisele bonke abezizwe,ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*
6. Bayabuya kusihlwa,bahlaba umkhulungwane njengenja,bezula emzini.
7. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,kukhona izinkemba ezindebeni zabo,ngokuba bathi:“Ngubani ozwayo na?”
8. Kepha wena Jehova uyabahleka;uyabaklolodela bonke abezizwe.
9. Mandla ami, ngiyakulindela wena,ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;zizulise ngamandla akho,uzilahle phansi, Nkosi,sihlangu sethu.
12. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;mazibanjwe ekuzidleni kwazonangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13. Ziqede ngokuthukuthela,ziqede zingabe zisabakho;mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*
14. Ziyabuya kusihlwa;zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15. Zizulazulela ukudla;uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
16. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,ngethabele umusa wakho ekuseni,ngokuba uyinqaba yami,nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17. Mandla ami, ngizakuhubela wena;ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,unguNkulunkulu wami womusa.