Amahubo 59 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,ngivikele kwabangivukelayo;

2. ngikhulule kwabenza okubi,ngisindise kubantu begazi.

3. Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;iziqhwaga ziyangihlanganyela,kungekho siphambeko,kungekho sono kimi, Jehova.

4. Ziyagijima, zizilungisele,kungekho cala kimi;vuka, ungihlangabeze, ubone.

5. Wena kambe,Jehova Nkulunkulu Sebawoti,Nkulunkulu ka-Israyeli,vuka uphindisele bonke abezizwe,ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

6. Bayabuya kusihlwa,bahlaba umkhulungwane njengenja,bezula emzini.

7. Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,kukhona izinkemba ezindebeni zabo,ngokuba bathi:“Ngubani ozwayo na?”

8. Kepha wena Jehova uyabahleka;uyabaklolodela bonke abezizwe.

9. Mandla ami, ngiyakulindela wena,ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10. UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11. Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;zizulise ngamandla akho,uzilahle phansi, Nkosi,sihlangu sethu.

12. Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;mazibanjwe ekuzidleni kwazonangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13. Ziqede ngokuthukuthela,ziqede zingabe zisabakho;mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

14. Ziyabuya kusihlwa;zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15. Zizulazulela ukudla;uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16. Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,ngethabele umusa wakho ekuseni,ngokuba uyinqaba yami,nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17. Mandla ami, ngizakuhubela wena;ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,unguNkulunkulu wami womusa.