1. Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,ngincenga uJehova ngezwi lami.
2. Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.
3. Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,wena uyawazi umkhondo wami;endleleni engihamba ngayobangifihlele ugibe.
4. Bheka ngakwesokunene sami,ubone ukuthi akakho onginakekelayo;isiphephelo singiphuthele,akakho okhathalela umphefumulo wami.
5. Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:“Wena uyisiphephelo saminesabelo sami ezweni labaphilayo.”
6. Lalela ukukhala kwami,ngokuba ngicindezelekile kakhulu;ngikhulule kubo abangizingelayo,ngokuba banamandla kunami.
7. Khipha umphefumulo wami etilongweniukuba ngibonge igama lakho;abalungileyo bayakungizungeza,ngokuba uyakungiphatha kahle.