1. Haleluya!Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;ukudumisa kufanele.
2. UJehova uyalakha iJerusalema;abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
3. Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.
4. Uyabala inani lezinkanyezi,azibize zonke ngamagama.
5. INkosi yethu inkulu,makhulu amandla ayo;ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.
6. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;ababi uyabawisa phansi emhlabathini.
7. Hubelani uJehova ngokubonga,nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*
8. osibekela izulu ngamafu,olungisela umhlaba imvula,ohlumisa utshani ezintabeni.
9. Unika izinkomo ukudla kwazo,namazinyane egwababa akhalayo.
10. Akathokozi ngamandla ehhashi,akajabuleli imilenze yomuntu.
11. UJehova uyathokoza ngabamesabayo,abathemba umusa wakhe.
12. Jerusalema, mbabaze uJehova;Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
13. Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
14. Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
15. Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
16. Uyanika iqhwa njengoboya;uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
17. Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
18. Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;uyavusa umoya wakhe,amanzi agobhoze.
19. Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
20. Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:izahlulelo zakhe asizazi.Haleluya!