Amahubo 34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukubonga umusa kaNkulunkulu

ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3. Mtuseni uJehova kanye nami,siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4. Ngamfuna uJehova, wangiphendula;wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5. Babheka kuye phezulu, bakhanya;ubuso babo abusoze bajabha.

6. Nasi isihlupheki esakhala,uJehova wezwa,wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11. Zanini, bantwana, ningilalele;ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13. Londa ulimi lwakho kokubi,nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14. Deda kukho okubi, wenze okuhle;funa ukuthula, ukujonge.

15. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubiukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17. Labo bayakhala, uJehova uyezwa;uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19. Ziningi izinhlupheko zolungileyo,kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20. Uyawagcina onke amathambo akhe;alaphulwa nelilodwa kuwo.

21. Okubi kuyakumbulala omubi;abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;akakho kwabamethembayo oyakuba necala.