1. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
2. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3. Mtuseni uJehova kanye nami,siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4. Ngamfuna uJehova, wangiphendula;wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5. Babheka kuye phezulu, bakhanya;ubuso babo abusoze bajabha.
6. Nasi isihlupheki esakhala,uJehova wezwa,wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
8. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
9. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,ngokuba abasweli lutho abamesabayo.
10. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
11. Zanini, bantwana, ningilalele;ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
13. Londa ulimi lwakho kokubi,nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
14. Deda kukho okubi, wenze okuhle;funa ukuthula, ukujonge.
15. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
16. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubiukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17. Labo bayakhala, uJehova uyezwa;uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
19. Ziningi izinhlupheko zolungileyo,kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20. Uyawagcina onke amathambo akhe;alaphulwa nelilodwa kuwo.
21. Okubi kuyakumbulala omubi;abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;akakho kwabamethembayo oyakuba necala.