1. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.
2. Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngidangele;ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
3. nomphefumulo wami uyathuthumela,kepha wena Jehova,koze kube nini na?
4. Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,ungisindise ngenxa yesihawu sakho.
5. Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6. Ngikhathele ukububula kwami;ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7. Iso lami liyafiphala ngokudabuka;liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8. Dedani kimi nina nonke enenza okubi,ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
9. uJehova uzwile ukunxusa kwami,uJehova uyamukela umkhuleko wami.
10. Zonke izitha zami ziyakujabha,zishaywe luvalo;ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.