Amahubo 23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UJehova ungumalusi omuhle

Ihubo likaDavide.

1. UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.

2. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3. Ubuyisa umphefumulo wami;uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;ugcoba ikhanda lami ngamafutha;indebe yami iyachichima.

6. Impela okuhle nomusa kuyakungilandelaimihla yonke yokuphila kwami;ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.