1. UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.
2. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
3. Ubuyisa umphefumulo wami;uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
5. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;ugcoba ikhanda lami ngamafutha;indebe yami iyachichima.
6. Impela okuhle nomusa kuyakungilandelaimihla yonke yokuphila kwami;ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.