1. Ngiphendule ekukhaleni kwami,Nkulunkulu wokulunga kwami.Ekucindezelweni wangenzela indawo;yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
2. Madodana abantu,koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na?Koze kube nini nithanda okuyize,nifuna amanga, na? Sela*
3. Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo;uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.
4. Thukuthelani ningoni;zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu,nithule. Sela*
5. Nikelani iminikelo yokulunga,nethembe uJehova.
6. Baningi abathi:“Ngubani oyakusibonisa okuhle na?”Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7. Ubeke injabulo enhliziyweni yamiedlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.
8. Ngizakucambalala ngokuthula,ngilale ubuthongo,ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.