Amahubo 66 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2. Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3. Yishoni kuNkulunkulu, nithi:“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.Ngenxa yobukhulu bamandla akhoizitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5. Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6. Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;bawela umfula ngezinyawo;lapho sathokoza kuye.

7. Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;amehlo akhe ayahlozinga izizwe;abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8. Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9. ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10. Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11. Wasingenisa enetheni;wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;sangena emlilweni nasemanzini;kepha wasikhiphela ekubuseni.

13. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14. ezaphinyiselwa yizindebe zami,zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyokanye nephunga lezinqama;ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16. Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17. Ngakhala kuye ngomlomo wami;ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,ibingayikungizwa iNkosi.

19. Ngempela uNkulunkulu uzwile,walalela izwi lomkhuleko wami.

20. Makabongwe uNkulunkuluongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.