1. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
2. Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
3. Yishoni kuNkulunkulu, nithi:“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.Ngenxa yobukhulu bamandla akhoizitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
4. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;bayakuhubela igama lakho.” Sela*
5. Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
6. Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;bawela umfula ngezinyawo;lapho sathokoza kuye.
7. Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;amehlo akhe ayahlozinga izizwe;abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*
8. Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
9. ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
10. Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.
11. Wasingenisa enetheni;wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
12. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;sangena emlilweni nasemanzini;kepha wasikhiphela ekubuseni.
13. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
14. ezaphinyiselwa yizindebe zami,zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
15. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyokanye nephunga lezinqama;ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*
16. Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
17. Ngakhala kuye ngomlomo wami;ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
18. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,ibingayikungizwa iNkosi.
19. Ngempela uNkulunkulu uzwile,walalela izwi lomkhuleko wami.
20. Makabongwe uNkulunkuluongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.