1. Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoniengenakunyakaziswa kepha imi phakade.
2. Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema,kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.
3. Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo,funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.
4. Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyonabaqotho ezinhliziyweni zabo.
5. Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensongeuJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi.Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.