Amahubo 65 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukubonga izipho zikaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama.

1. Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2. Wena ozwayo imikhuleko,beza kuwe bonke abantu.

3. Izenzo ezimbi zangahlula;iziphambeko zethu uyaziyekela.

4. Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayoukuba ahlale emagcekeni akho;siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho,ithempeli lakho elingcwele.

5. Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,Nkulunkulu wensindiso yethu,wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlabanelolwandle olukude;

6. yena omisa izintaba ngamandla akhe,obhince amandla;

7. othulisa ukuduma kwezilwandle,inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8. Abakhile emikhawulweni yomhlababayesaba ngezibonakaliso zakho;uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

9. Uhambela umhlaba, unisa imvula,uwuvundisa kakhulu;umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi;ubalungisela abantu ukudla,ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.

10. Umatisa imisele yawo,ulalisa amasoyi awo;uwuthambisa ngezihlambi,ubusise okumila kuwo.

11. Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho,nemikhondo yakho iconsa amafutha.

12. Amadlelo asehlane ayaconsa;amagquma abhinca injabulo.

13. Amadlelo embethe izimvu,nezigodi zisibekelwe ngamabele;konke kuyajabula, kuhlabelele.