Amahubo 14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ubuwula nobubi babantu

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide.

1. Isiwula sithi enhliziyweni yaso:“Akakho uNkulunkulu.”Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;akakho owenza okuhle.

2. UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantuukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,ofuna uNkulunkulu.

3. Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.

4. Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,abadla abantu bami,njengokuba bedla isinkwa,bangakhuleki kuJehova, na?

5. Khona besaba nokwesaba,ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

6. Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa,kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.

7. Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni.Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakheuJakobe uyakwethaba,u-Israyeli ajabule.