Amahubo 15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Isimo songokaNkulunkulu

1. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na?Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?

2. Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

3. ongahlebi ngolimi lwakhe,ongamoni umngane wakhe,nongamhlazi umakhelwane wakhe;

4. obuka onengekayo ngokuzakumenyanya,kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu;ofunga ngokuzakumlimaza,nokho angalaphuli izwi lakhe;

5. ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale,nongamukeli umvuzo ngongenacala;owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.