1. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na?Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?
2. Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
3. ongahlebi ngolimi lwakhe,ongamoni umngane wakhe,nongamhlazi umakhelwane wakhe;
4. obuka onengekayo ngokuzakumenyanya,kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu;ofunga ngokuzakumlimaza,nokho angalaphuli izwi lakhe;
5. ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale,nongamukeli umvuzo ngongenacala;owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.