1. Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
2. Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke,
3. ngokuba izitha zami zibuyela emuva,ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
4. ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami,uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
5. Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi;igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.
6. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade;imizi wayisimbula,ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
7. UJehova uyabusa kuze kube phakade;isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;
8. umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga,athethe amacala ezizwe ngobuqotho.
9. UJehova uyinqaba yocindezelweyo,uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.
10. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
11. Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni;memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.
12. Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo;akakhohlwa ukukhala kwabo.
13. Yiba nomusa kimi, Jehova;kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayowena ongiphakamisa emasangweni okufa,
14. ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho,ngethabe ngokusindisa kwakhoemasangweni endodakazi yaseSiyoni.
15. Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo;unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.
16. UJehova uzazisile, wahlulela;umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*
17. Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo,bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.
18. Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo;ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.
19. Vuka, Jehova!Mawungavumi ukuba abantu bahlule;abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.
20. Mabashaywe luvalo, Jehova;abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*