1. Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami,wena ohlezi ezulwini.
2. Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo,namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo,kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu,aze abe nomusa kithi.
3. Sihawukele, Jehova sihawukele,ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.
4. Umphefumulo wethu udiniwe kakhulungukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.