1. Ngisindise, Nkulunkulu,ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.
2. Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;ngingene emanzini alutwa;imisinga iyangicwilisa.
3. Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.
4. Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;nengingakuphanganga ngakubuyisela.
5. Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,nezono zami azifihlakele kuwe.
6. Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,Nkosi Jehova Sebawoti;mabangahlazeki ngami abakufunayo,Nkulunkulu ka-Israyeli.
7. Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;ihlazo lisibekela ubuso bami.
8. Sengaba ngumfokazi kubafowethu,nowezizwe kubantwana bakamame.
9. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;izithuko zabakuthukayo zingehlele.
10. Ngakhala, umphefumulo wami wazila;kwaba ngukudunyazwa kwami.
11. Isaka ngalenza isambatho sami;ngaba yisaga kubo.
12. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;izidakwa ziyangihaya.
13. Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehovaesikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;ngenxa yomusa wakho omkhulungiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
14. Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;mangisindiswe kubo abangizondayo,nasemanzini alutwa.
15. Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,utwa lungangigwinyi,umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.
16. Ngiphendule, Jehova,ngokuba umusa wakho ulungile;uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.
17. Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,ngokuba ngiyahlupheka;shesha ungiphendule.
18. Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19. Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,namahloni ami nokudunyazwa kwami;zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20. Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,ngigula kakhulu;bengibheka ukuhawukelwa,kepha akwabakho,nabaduduzayo,kepha angibatholanga.
21. Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22. Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,libe lugibe kwabahlezi bezithulele.
23. Amehlo abo mawafiphale,ukuze bangaboni;izinkalo zabo zintengezele njalo.
24. Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.
25. Umuzi wabo mawuchitheke;makungabikho ohlala ematendeni abo.
26. Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.
27. Yengezela ukona ekoneni kwabo;mabangezi ekulungeni kwakho.
28. Mabesulwe encwadini yabaphilayo,bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29. Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;insindiso yakho,Nkulunkulu mayingilondoloze.
30. Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.
31. Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,kunenkunzi enezimpondo nezinselo.
32. Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;nina enifuna uNkulunkulu,inhliziyo yenu mayiphile.
33. Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,neziboshwa zakhe akazideleli.
34. Uyakubongwa yizulu nomhlaba,yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.
35. Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,akhe imizi yakwaJuda;bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
36. Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.