Amahubo 69 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1. Ngisindise, Nkulunkulu,ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2. Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;ngingene emanzini alutwa;imisinga iyangicwilisa.

3. Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

4. Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;nengingakuphanganga ngakubuyisela.

5. Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,nezono zami azifihlakele kuwe.

6. Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,Nkosi Jehova Sebawoti;mabangahlazeki ngami abakufunayo,Nkulunkulu ka-Israyeli.

7. Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;ihlazo lisibekela ubuso bami.

8. Sengaba ngumfokazi kubafowethu,nowezizwe kubantwana bakamame.

9. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;izithuko zabakuthukayo zingehlele.

10. Ngakhala, umphefumulo wami wazila;kwaba ngukudunyazwa kwami.

11. Isaka ngalenza isambatho sami;ngaba yisaga kubo.

12. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;izidakwa ziyangihaya.

13. Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehovaesikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;ngenxa yomusa wakho omkhulungiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

14. Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;mangisindiswe kubo abangizondayo,nasemanzini alutwa.

15. Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,utwa lungangigwinyi,umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

16. Ngiphendule, Jehova,ngokuba umusa wakho ulungile;uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

17. Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,ngokuba ngiyahlupheka;shesha ungiphendule.

18. Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,ngikhulule ngenxa yezitha zami.

19. Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,namahloni ami nokudunyazwa kwami;zonke izitha zami ziphambi kwakho.

20. Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,ngigula kakhulu;bengibheka ukuhawukelwa,kepha akwabakho,nabaduduzayo,kepha angibatholanga.

21. Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

22. Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

23. Amehlo abo mawafiphale,ukuze bangaboni;izinkalo zabo zintengezele njalo.

24. Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.

25. Umuzi wabo mawuchitheke;makungabikho ohlala ematendeni abo.

26. Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.

27. Yengezela ukona ekoneni kwabo;mabangezi ekulungeni kwakho.

28. Mabesulwe encwadini yabaphilayo,bangalotshwa kanye nabalungileyo.

29. Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;insindiso yakho,Nkulunkulu mayingilondoloze.

30. Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.

31. Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32. Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;nina enifuna uNkulunkulu,inhliziyo yenu mayiphile.

33. Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,neziboshwa zakhe akazideleli.

34. Uyakubongwa yizulu nomhlaba,yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

35. Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,akhe imizi yakwaJuda;bazakuhlala khona, ibe yifa labo.

36. Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.