Amahubo 84 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Izindlu zikaJehova ziyathandeka

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elamadodana kaKora. Ihubo.

1. Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2. Umphefumulo wami ulangazelela,womela amagceke kaJehova;inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3. Ngokuba umzwilili ufumene indlu,nenkonjane isidleke sayo,lapho ibeka khona amazinyane ayo,ngisho ama-altare akho,Jehova Sebawoti,Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4. Babusisiwe abahlala endlini yakho;bayakuhlala bebonga wena. Sela*

5. Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6. Bedabula imfunda yezinyembezibayenza ibe yindawo yeziphethu;yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7. Baqhubeka emandleni,baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

8. Jehova Nkulunkulu Sebawoti,yizwa umkhuleko wami,ubeke indlebe,Nkulunkulu kaJakobe. Sela*

9. Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu,bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10. Ngokuba usuku lunye emagcekeni akholuhle kunezinye eziyizinkulungwane.Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wamikunokuhlala ematendeni ababi.

11. Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;uJehova uyakupha umusa nodumo;akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12. Jehova Sebawoti,ubusisiwe umuntu okwethembayo.