1. Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,ulalele umkhuleko wami.
2. Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3. Ngokuba ubuyisiphephelo sami,inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*
5. Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6. Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7. Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8. Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.