Amahubo 61 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukucelela inkosi isibusiso

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.

1. Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,ulalele umkhuleko wami.

2. Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3. Ngokuba ubuyisiphephelo sami,inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

5. Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,wabanika ifa abalesaba igama lakho.

6. Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.

7. Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.

8. Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.