Amahubo 137 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ngasemifuleni yaseBabele

1. Ngasemifuleni yaseBabelesahlala khona, sakhala,lapho sikhumbula iSiyoni.

2. Amahabhu* ethu sawaphanyekaeminyezaneni ephakathi kwalo.

3. Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama,nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi:“Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

4. Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehovakwelinye izwe na?

5. Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,masizikhohlwe isandla sami sokunene.

6. Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,uma ngingakukhumbuli,uma ngingaphakamisi iJerusalemaphezu kwentokozo yami enkulu.

7. Khumbula, Jehova,usuku lweJerusalema,ngenxa yabantwana bakwa-Edomiabathi: “Dilizani, dilizani,kuze kube sesisekelweni salo.”

8. Ndodakazi yaseBabele,wena oyakubhujiswa,ubusisiwe oyakuphindisela kuweizenzo zakho owazenza kithina.

9. Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho,abaphahlaze edwaleni.