Amahubo 127 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Zonke izibusiso zivela kuJehova

Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni.

1. Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi,umlindi wawo ulindela ize.

2. Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,nephuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3. Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,isithelo sesisu singumvuzo.

4. Njengemicibisholo esandleni seqhawebanjalo abantwana bobusha.

5. Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.