1. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2. Itabernakele* lakhe liseSalema,nendlu yakhe iseSiyoni.
3. Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*
4. Uyakhazimula ngobukhosi,lapho uvela ezintabeni zempango.
5. Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,balele ubuthongo babo;amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6. Ngokusola kwakho,Nkulunkulu kaJakobe,kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7. Wena, yebo, wena uyesabeka;ngubani ongema ebusweni bakhongesikhathi solaka lwakho na?
8. Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;umhlaba wesaba, wathula
9. mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*
10. Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11. Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12. Uyanquma umoya wezikhulu,wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.