Amahubo 130 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umkhuleko wokuthethelelwa nokukhululwa

Igama lokukhuphuka.

1. Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.

2. Nkosi, yizwa izwi lami;izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3. Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko,Nkosi, ngubani ongema na?

4. Kepha ukuthethelela kukuwe,ukuze wesatshwe.

5. Ngiyalindela uJehova,umphefumulo wami uyalinda;ngiyalethemba izwi lakhe.

6. Umphefumulo wami uyalindela iNkosikunabalindi belindela ukusa.

7. U-Israyeli makamethembe uJehova,ngokuba umusa ukuJehova,nokukhulula okuningi kukuye.

8. Uyakumhlenga u-Israyelieziphambekweni zakhe zonke.