Amahubo 58 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umkhuleko wocela ukuthotshiswa kwabahluleli ababi

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu.*

1. Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?Madodana abantu,nahlulela ngobuqotho na?

2. Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

3. Ababi bahlubuka kwasesizalweni,abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

4. Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;banjengebululu eliyisithulu,elivimba indlebe yalo,

5. lingalaleli izwi lezinyangaezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.

6. Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu!Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!

7. Mabaphele njengamanzi agobhozayo;nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe,mayibe sengathi iqundekile.

8. Mababe njengomnenke oncibilika, uphele,njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.

9. Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

10. Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

11. abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo;impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”