Amahubo 72 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ukukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu

ElikaSolomoni.

1. Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakhonendodana yenkosi ukulunga kwakho.

2. Iyakwahlulela isizwe sakhongeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

3. Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu;kanjalo namagquma, ngokulunga.

4. Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu,isindise abantwana babampofu,imphohloze onokhahlo.

5. Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga,izizukulwane ngezizukulwane.

6. Iyakwehla njengemvula edlelweni,njengesihlambi esimatisa umhlaba.

7. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

8. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle,kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9. Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo;izitha zayo zizakukhotha uthuli.

10. Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11. Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,nohluphekayo ongenamsizi.

13. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15. Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,bayithandazele njalo,bayibusise lonke usuku.

16. Kuyakuba khona inala kakolweni ezweniesiqongweni sezintaba;ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17. Igama layo liyakuma kuze kube phakade;igama layo liyakuxhanta,lisekhona ilanga;bayakuzibusisa ngayo;bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18. Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,onguye yedwa owenza izimangaliso.

19. Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20. Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.