Amahubo 128 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho

Igama lokukhuphuka.

1. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,abahamba ngezindlela zakhe.

2. Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3. Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,bezungeza itafula lakho.

4. Ngokuba bheka,kanjalo iyakubusiswa indodaemesabayo uJehova.

5. UJehova makakubusise eseSiyoni;uyakubona inhlanhla yaseJerusalemazonke izinsuku zokuphila kwakho.

6. Uyakubona abantwana babantwana bakho.Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.