1. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,abahamba ngezindlela zakhe.
2. Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3. Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,bezungeza itafula lakho.
4. Ngokuba bheka,kanjalo iyakubusiswa indodaemesabayo uJehova.
5. UJehova makakubusise eseSiyoni;uyakubona inhlanhla yaseJerusalemazonke izinsuku zokuphila kwakho.
6. Uyakubona abantwana babantwana bakho.Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.