Amahubo 62 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1. Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;insindiso yami ivela kuye.

2. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;angiyikunyakaziswa kakhulu.

3. Koze kube nini nisukela umuntuukuba nimbulale nonkenjengodonga olwengemeyonothango oludilikayo na?

4. Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga;bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*

5. Mphefumulo wami,zithulisele kuNkulunkulu kuphela,ngokuba ithemba lami livela kuye.

6. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.

7. Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

8. Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*

9. Abantwana babantu bangumoya nje,abantwana bezikhulu bangamanga;esilinganisweni bayakhuphuka,balula kunomoya bonke.

10. Maningakwethembi ukuqhwaga,ningazigabisi ngokuphangiweyo;uma imfuyo yanda,ningayibeki inhliziyo kuyo.

11. UNkulunkulu ukhulumile kanye,ngikuzwe kabiliukuthi amandla angakaNkulunkulu.

12. Nomusa ungowakho, Nkosi;ngokuba wena umphindisela umuntunjengokwenza kwakhe.