Amahubo 28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Umkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi

ElikaDavide.

1. Ngikhala kuwe Jehova;Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,funa kuthi, uma uthula kimi,ngifane nabashona emgodini.

2. Yizwa izwi lokunxusa kwami,nxa ngikhala kuwe,ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3. Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubiabakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4. Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo;banike njengokwenza kwezandla zabo,baphindisele abakwenzileyo.

5. Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehovanokwenza kwezandla zakhe;uyakubadiliza, angabakhi.

6. Makabongwe uJehova,ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.

7. UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

8. UJehova ungamandla abantu bakhe;uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.

9. Sindisa abantu bakho,ubusise ifa lakho,ubaluse,ubathwale kuze kube phakade.