1. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
2. Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*
3. Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4. Yacela ukuphila kuwe,wayinika khona,izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
5. Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
6. Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
7. Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8. Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
9. Uyakubenza babe njengesithando somlilo,nxa ubonakalisa ubuso bakho;uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,umlilo uyakubaqeda.
10. Isithelo sabo uyakusichitha emhlabenikanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
11. Ngokuba babehlosa okubi,baceba icebo;kepha bayahluleka.
12. Ngokuba uyakubafulathelisa;ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
13. Mawuphakame, Jehova,emandleni akho;thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.