1. UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*
2. ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3. Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;mabakubonge abantu bonke.
4. Izizwe mazijabule, zethabe;ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,uzihola izizwe emhlabeni. Sela*
5. Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;mabakubonge abantu bonke.
6. Umhlaba uthelile izithelo zawo;uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7. UNkulunkulu uyasibusisa;imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.