Amahubo 99 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

UNkulunkulu ungoNgcwele

1. UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu;uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

2. UJehova mkhulu eSiyoni,uphakeme phezu kwezizwe zonke.

3. Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo;ungcwele yena.

4. Amandla eNkosi athanda okulungileyo,umisile ubuqotho;ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

5. Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe;ungcwele yena.

6. OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe;uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe.Bakhuleka kuJehova,yena waphendula.

7. Wakhuluma kubo esensikeni yefu;bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.

8. Jehova Nkulunkulu wethu,wena ubaphendulile,waba kubo uNkulunkulu othethelelayonophindiselayo ngezenzo zabo.

9. Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele,ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.