1. “Yehla, uhlale othulini wena ntombi,ndodakazi yaseBabele,uhlale emhlabathini,kungekho sihlalo sobukhosi,wena ndodakazi yamaKaledi,ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambilenokuthi uyatetema.
2. Thatha amatshe okugaya,ugaye impuphu,uyisuse imvakazi yakho,uwukhumule umhushuzo wakho,wambule umlenze, uwele imifula.
3. Ubuze bakho buyakwambulwa,yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.
4. Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,oNgcwele ka-Israyeli.
5. “Hlala uzithulele,ungene ebumnyameni,wena ndodakazi yamaKaledi,ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.
6. Ngabathukuthelela abantu bami,ngalingcolisa ifa lami,ngalinikela esandleni sakho;awubahawukelanga,walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhuluphezu kwabadala.
7. Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,awukhumbulanga ukugcina kwazo.
8. “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,ohlala ulondekile,othi enhliziweni yakho:Yimi, akakho omunye;angiyikuhlalisa okomfelokazi,nokufelwa abantwana angiyikukwazi.
9. Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwengokuphazima kweso ngalusuku lunye,ukufelwa, kwabantwana nobufelokazikufike phezu kwakho ngokugcweleyophakathi kobuningi bamalumbo akho,nobuningi beziphonso zakho.
10. Wethembile ebubini bakho, wathi:‘Akakho ongibonayo.’Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;wathi enhliziyweni yakho:‘Yimi, akakho omunye.’
11. Kepha ububi buyakukwehlela,awuyikwazi lapho buvela khona;nengozi iyakuwela phezu kwakho,awuyikuba namandla okuyichezukisa,incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,ungazi.
12. “Yima manje neziphonso zakhonobuningi bamalumbo akhookhandlekile kukho kwasebusheni bakho;mhlawumbe uyakusizakala,mhlawumbe uyakubanga uvalo.
13. Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;mabasukume, bakusindise abadabula izulu,nababheka izinkanyezi,nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthikuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.
14. Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,abayikuzophula emandleni elangabi;akusilo ilahle lokotha,akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.
15. Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,zihambisene nawe kwasebusheni bakho;seziyakuzulazula,kube yileyo naleyo ngendlela yayo,ekusindisayo ingabikho.