1. Ngalolo suku uJehova uyakuhambelangenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandlauLeviyathani,* inyoka esheshayo,uLeviyathani, inyoka ethandelayo,abulale udrako* oselwandle.
2. Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo.“Hlabelelani ngaso.
3. Mina Jehova ngingumlindi waso,ngiyakusinisela njalo;funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4. Ukufutheka akukho kimi;sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva!Bengiyakuwasukela ngokulwa,ngiwashise kanyekanye,
5. noma abambelele emandleni amiukuba enze ukuthula nami,enzelane ukuthula nami.”
6. Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,u-Israyeli akhahlele, aqhakaze,bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7. Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8. Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;wabasusa ngomoya wakhe olukhuningosuku lomoya wasempumalanga.
9. Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe,lapho enza ukuba onke amatshe e-altareavithizeke njengamatshe omcako,kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.
10. Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,nekhaya limukelwe,lishiyiwe njengehlane;ithole liyakuklaba khona,libuthise khona,lidle, liqede amahlamvu awo.
11. Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,kufike abesifazane,baphembe umlilo kuwo,ngokuba bangabantu abangenakuqonda;ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
12. Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.
13. Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.