U-Isaya 16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Thumani amawundlu ombusi wezweaphume eSela ngasehlane,aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.

2. Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,njengamaphuphu ahlakazekileyo,abe njalo amadodakazi akwaMowabiemazibukweni ase-Arinoni.

3. “Lulekanani, nenze izinqumo,ubeke isithunzi sakho njengobusukuphakathi kwemini,nithukuse abaxoshiweyo,ningadaluli ababalekileyo.

4. Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”Lapho umcindezeli esephelile,nokuchitha sekuyekiwe,nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,

5. kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,kuhlale kuso ngeqinisoetendeni likaDavideumahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

6. Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabiukuthi uphakeme kakhulu,nangokuzidla kwakhenokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhenokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.

7. Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.

8. Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.

9. Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.

10. Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

11. Ngalokho inhliziyo yamiiyakhala njengehabhu* ngoMowabi,nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.

12. Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,azikhathaze endaweni ephakemeyo,aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,angaphumeleli.

13. Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.

14. Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”