U-Isaya 20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Isiprofetho ngeGibithe neKushe

1. Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha,

2. ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.

3. UJehova wathi: “Njengalokhu inceku yami u-Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

4. kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.

5. Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.

6. Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”