1. UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama;izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo;enibathweleyo bangumthwalo,banzima ezilwaneni eziyethileyo.
2. Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye,azinakuwukhulula umthwalo;nabo uqobo baya ekuthunjweni.
3. “Ngilalele wena ndlu kaJakobe,yonke insali yendlu yakwa-Israyeliengiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
4. Noze niguge, nginguye,yebo, noze nibe yizimpunga,ngiyakunithwala;ngikwenzile lokhu,futhi ngiyakunetshatha,yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5. “Niyakungifanisa,ningilinganise nobani,ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?
6. Abathulula igolide esikhwameni yini,balinganise isiliva esilinganisweni,baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu,bese bekhothama, bakhuleke, na?
7. Bamthwala ehlombe, bametshathe,bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona,angabe esasuka endaweni yakhe;kepha uma umuntu ekhala kuye,akayikumphendula,angamsindisi osizini lwakhe.
8. “Khumbulani lokhu, nime niqinile,nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.
9. Khumbulani izinto zakuqala zamandulo,ngokuba nginguNkulunkulu,akakho omunye,yebo, nginguNkulunkulu,akakho onjengami,
10. engimemezela ngaphambili okuyakuza,nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi:Icebo lami liyakuma,ngiyakwenza yonke intando yami,
11. mina engibiza inqe empumalanganomuntu wecebo lami ezweni elikude;yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa;nginqumile, ngiyakukwenza.
12. Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo,enikude nokulunga.
13. Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude,insindiso yami ayiyikulibala;ngibeka insindiso eSiyoninodumo lwami kwa-Israyeli.